Izimfihlakalo Zezulu #6627

By Emanuel Swedenborg

Study this Passage

  
/ 10837  
  

6627. IZIMFIHLAKALO ZEZULU

---

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULWE ENCWADINI KAEKSODUSI KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE NGUEMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI NGUZAMOKUHLE ZUNGU

---

INCWADI KAEKSODUSI

ISAHLUKO SOKUQALA SIKA EKSODUSI

Ezingxenyeni zeZwi ezandulela iNcwadi kaEksodusi kuzokwethulwa kuqala imfundiso emayelana neSISA SENHLIZIYO, bese kwethulwa imfundiso emayelana neNKOLO. Lokhu kwenziwa ngenhloso yokuba amaphuzu asechaziwe asabalele ezindaweni ezahlukene abekwe obala, nakanjalo ukuze abantu babone ngokwethulwa nokuchazwa kwawo ukuthi imfundiso yeSonto ifundisani noma ukuthi kumele ifundiseni uma izohambisana nokulungileyo kanye nokuyiqiniso ezulwini.

  
/ 10837